Umgosi Wama Celebrity

Umgosi Wama Celebrity Let have fun and gossip about celebrities. Catch me on Moya 101.9 Fm at 3:45 pm every Monday to Frid

14/08/2022

UMgosi Wama Celebrity
Usuku: 12 August 2022

1. Amakhosikazi kaMusa Mseleku anqabile ukuthi uMusa athathe uFaith Duma ezoba uNkosikazi wesihlanu.

2.USomizi Mhlongo noMuhale Motaung bazokhipha uhlelo kumabonakude oluzokhuluma ngokuhlukana kwabo.

3. USneziey Msomi ukhulumile ezinkundleni zokuxhumana ngezinto ezimehlele ngenkathi ecula kuma Idols. Uthi abantu bebekhuluma kabi ngomzimba wakhe.

Ukuthola lezi kanye nezinye izindaba ziphelele lalela uMoya 101.9 FM- UMgosi Wama Celebrity kusukela ngo Monday kuya ku Friday. Iskhathi u-15:45

14/08/2022

UMgosi Wama Celebrity
Usuku: 10 August 2022

1. UJub Jub njengoba enohlelo kumabons kude oluveza anantu abajolelanayo sekutholakale ukuthi naye ubejolela intombi yakhe uTumi Mthembu asethandane nayo imnyaka engu 19.

2. UKatleho Maboe usebuyelile kwi The Expresso Morning Show okuyilapho aveze khon ukuthi uke wacabanga ukuzibulala kodwa uyabonga kwabalandeli abamusekile.

3. USithelo Shozi usehambile waya eTurkey eyowenza isurgery yokukhuphula izinqa(butt lift).

Ukuthola lezi kanye nezinye izindaba ziphelele lalela uMoya 101.9 FM- UMgosi Wama Celebrity kusukela ngo Monday kuya ku Friday. Iskhathi u-15:45

14/08/2022

UMgosi Wama Celebrity
Usuku: 09 August 2022

1. UKelly Khumalo uphawulile kwi video egcwele inkundla zokuxhumana eveza izingane zicula ngaye zithi ziyamzonda ngoba wabulala uSenzo Meyiwa.

2. UMuhale Motaung uthi ukwehlukana noSomizi sekulashwe itherapy. Waphinde wafaka izithombe zamanxeba njengoba ayeshaywe uSomizi.

3. Owesfazane ohlala eTshwane usizwa umama wakhe ngokumnikeza umkhanya kude omulethela obaba abadala abanemali. Omunye walamadoda umthengele umuzi ka R2 500 000 mhlaka 14 February.

Ukuthola lezi kanye nezinye izindaba ziphelele lalela uMoya 101.9 FM- UMgosi Wama Celebrity kusukela ngo Monday kuya ku Friday. Iskhathi u-15:45

14/08/2022

UMgosi Wama Celebrity
Usuku: 08 August 2022

1. UNhlamulo Baloyi( Nota) ubhalele uSomizi Mhlongo incwadi ebuza ukuthi uhleli kanjani kwama Idols SA ebe ehlangabezene nezinsolo zokushaya uMohale Motaung.

2. UDJ Zinhle useshade no Mega Bongz ongubaba wengane yakhe yesbili. Congratulations Mr & Mrs Mahosana.

3. UMuhale Motaung ufuna uSomizi amthengele imoto ebiza u R200 000 njengoba abulala eyakhe. USomizi yena uthi uncamela ukukhokha uR30 000 wokulungisa imoto inyanga ezu-12.

Ukuthola lezi kanye nezinye izindaba ziphelele lalela uMoya 101.9 FM- UMgosi Wama Celebrity kusukela ngo Monday kuya ku Friday. Iskhathi u-15:45

14/08/2022

Umgosi Wama Celebrity
Usuku: 05 August 2022

1. UMihlali Ndamase noLeeroy Sidambe bahambile baya eMauritius. Okuyilapho uLeeroy aya khona noMary Jane ongunkosikazi wakhe.

2. Kune video esabalele ezinkundleni zokuxhumana lapho omunye wama Qwabe twins ubeshada kodwa izinsolo zithi bekungu music video.

3.UMr JazzQ ubhale ezinkundleni zokuxhumana ethi abantu abayeke ukwenza sengathi banemali.

Ukuthola lezi kanye nezinye izindaba ziphelele lalela uMoya 101.9 FM- UMgosi Wama Celebrity kusukela ngo Monday kuya ku Friday. Iskhathi u-15:45

13/08/2022

UMgosi Wama Celebrity
Usuku: 04 August 2022

1. USjava no-Amanda Black basolwa ngokuqola uSam Hangwai ongumgqugquzeli womculo imali engango R237 000. Kusolakala ukuthi uSjava wathola uR110 000, iBlack motion yathola iR60 000 kanti u-Amanda Black wathola uR67 000.

2. UMohale Motaung owayewumyeni kaSomizi Mhlongo ukhulumile kuhlelo oludlala kumabonakude ethi uSomizi wayemhlukumeza.

3. Abalaleli bohlelo oludlala kumabonakude ekuseni abaneme ngendlela uDineo Ranaka ephethe ngakhona uSol Phenduka. Lokh kulandela emva kokuba kubonakale uDineo engamvumeli uSol ukuthi akhulume noma esephakamisa isandla.

Ukuthola lezi kanye nezinye izindaba ziphelele lalela uMoya 101.9 FM- UMgosi Wama Celebrity kusukela ngo Monday kuya ku Friday. Iskhathi u-15:45

13/08/2022

Umgosi Wama Celebrity
Usuku: 02 August 2022

1. USimphiwe M***a owaziwa ngelika MoG usethole itermination of contract kwenye yezinkundla zomsakazo. Useke wathatha izimoto ezimbili zanokusho wahlala nazo kungazona ezakhe enye kwakweyamngan wakhe enye kweyomdayisi wezimoto.

2. U-Eva Modika owaziwa kakhulu kumabonakude usenze ibutt lift ne-liposuction kanti kokubili kuthathe imali engango R65 000.

3. USomizi no Thembi Seete magcwele ezinkundleni zokuxhumana emva kokuba kusabalale ivideo yabo bexabana kuma Idols SA.

Ukuthola lezi kanye nezinye izindaba ziphelele lalela uMoya 101.9 FM- UMgosi Wama Celebrity kusukela ngo Monday kuya ku Friday. Iskhathi u-15:45

13/08/2022

Umgosi Wama Celebrity
Usuku: 1 August 2022

1. UMihlali Ndamase noLeeroy Sidambe bashade umshado wesintu. ULeeroy egqoke ihembe elifanayo naleli ayeligqoke esthomben noNkosikaze wakhe uMaryJane Sidambe.
ULeeroy akakowasign amaphepha esehlukaniso awanikwe uMaryJane.
UMihlali Ndamase noLeeroy benze housewarming party emzini kaMaryJane.

2. USbahle Mpisane ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi wake wazama kaningi ukuzibulala emva kokuba abe sengizini yemoto.

3. USomizi uphendulile ngodaba luka Palesa Madisekwana ongumama wengane yakhe. UPalesa wathi ubengazi ukuthi uSomizi ugay. USomizi uthi uPalesa ubazi ukuthi ugay futhi ubekujabulela ukuba naye ingakho baba nengane.

Imibuzo:
1. Mucabanga mlaleli kungani uLeeroy angawasayini amaphepha esehlukaniso?

2. Kungabe nawe mlaleli ubona ngathi uMihlali ufuna ukuphila impilo kaMaryJane?

3. Ngabe ukubona kuyiphutha yini ukuthi umuntu athandane nobulili obufanayo nobakhe aphinde athandane nobulili obuhlukile kokwakhe?

Ukuthola lezi kanye nezinye izindaba ziphelele lalela uMoya 101.9 FM- UMgosi Wama Celebrity kusukela ngo Monday kuya ku Friday. Iskhathi u-15:45

11/08/2022

UMgosi Wama Celebrity
Usuku: 29 July 2022

1. UDaliwonga unezintombi ezimbili okungu Taryn Reid kanye noMbalenhle. Kanti uMbalenhle ufake isthombe ezinkundleni zokuxhumana emva kokuba uDaliwonga emfihlile.

2. USinazo Yolwa usehlukene nentombi yakhe kodwa igama akazange alidalule.

3. UNkosikazi kaPatric Ahai usolwa ngokuba neshende njengoba uMnumzane uShai engasekho emhlabeni.

Imibuzo:
1. Mucabanga mlaleli isiphi isinyathelo ekumele sithathwe umuntu ofihliwe emjolweni?

2. Kungabe uyavumelana yini nokuthi umndeni ja Patric Shai uthi uNkosikazi uMaSechaba uneshende?

Ukuthola lezi kanye nezinye izindaba ziphelele lalela uMoya 101.9 FM- UMgosi Wama Celebrity kusukela ngo Monday kuya ku Friday. Iskhathi u-15:45

11/08/2022

UMgosi Wama Celebrity
Usuku: 28 July 2022

1. UThemba Selahle (Grootman) uphucwe i-Account yakhe yasenkundleni zokuxhumana ngoba engenayo iLicence yokwenza iFOREX okuwukuhwebelana namazwe angaphandle.

2. USithelo Shozi nosisi wakhe uZee baxabane noSbahle noAndile Mpisane.

3. Abalandeli bathi umshado kaTamia no Andile Mpisane bethi wakhelwe kwisisekelo sama tender mekukhona ofuna isehlukaniso uzolahlekelwa itender.

Imibuzo:
1. Mlaleli ucabanga ukuthi umuntu ukuze enze iFOREX kumele abe nayo yini ilicence? ngoba lomsebenzi awulimazi muntu.

2. Mucabanga kungani uTamia esashade no Andile Mpisane emva kokuba abe nezingane ezimbili noSithelo kodwa ekhona uTamia?

Ukuthola lezi kanye nezinye izindaba ziphelele lalela uMoya 101.9 FM- UMgosi Wama Celebrity kusukela ngo Monday kuya ku Friday. Iskhathi u-15:45

11/08/2022

UMgosi Wama Celebrity.
Usuku: 27 July 2022

1. UGogo Skhotheni usethathe umyeni wesibili. Kanti akhona namathuba okuthi athathe owesithathu.

2. Dj Touch no Prince Chauke bahlulekile ukukhokhela uPhilani Mzila, Kgomotso Moganedi noNgwako Malatji imali ye segment ebizwa ngokuthi i-Leaks with Prince Chauke.

3. USomizi Mhlongo usethandana noSunny Obasi. Izinsolo zokuthi uSomizi Mhlongo ubeyokhokhela uPholosho Mohlala amalobolo uyaziphika uSomizi. Uphinde wavuma ukuthi ubethandana nabantu ababili onemali nongenayo.

Imibuzo:
1. Mucabanga kuyinto enhle noma kubi ukuthi umuntu wesfazane ashade nabantu besilisa ababili ngeskhathi (isthembu)?

2. Ngokwakho mlaleli ungakhetha umuntu onemali noma ongenayo okanye ungalandela inhliziyo yakho?

Ukuthola lezi kanye nezinye izindaba ziphelele lalela uMoya 101.9 FM- UMgosi Wama Celebrity kusukela ngo Monday kuya ku Friday. Iskhathi u-15:45.

11/08/2022

Ngibingelele kubalandeli boMgosi Wama Celebrity.

Ngizoqala ngokuxolisa ukungabe ngisasho ukuthi sikhuluma ngani kuMgosi kodwake n**i izinto ezizokwenzeka ukuqhuba lomshikashika:
1. Kusukela namhlanje kuze kube iSonto ngizobhala ukuthi kwenzekeni kusukela mhlaka 28 July kuze kube mhlaka 10 August.
2. Njalo ngeSabatha (Saturdays) ngizobhala umgosi wesonto lonke.
3. Abalandeli bavumelekile ukuthi baphawule ngoMgosi basho nembono yabo kwama comments.
4. Uma ufuna umgosi ophelele lalela uMoya 101.9 FM kusukela Monday to Friday ngo 15:45.

Ngiyabonga kakhulu ngokungeseka nokulandela ipage loMgosi. INkosi inibusise😇

27/07/2022

Sanibonani.
Izolo kuMoya 101.9Fm kuMgosi wama celebrity sikhulume:

1. Master KG unikezwe iLawsuit for ukuntshontsha ingoma iJerusalema.

2. Musa keys usethandana noGontse obengumngani wakhe

3. UJesse Lingard odlalela iNottingham Forest ucele uDJ Uncle Waffles azomdlalela izingoma njengoba ezobe ezalwa.

Please post your opinions about lomgosi kwi comment section and let me know what you think✌️😇

Sanibona. 🙏 please use the following link  to listen to your favorite channel uMoya 101.9 Fm and umgosi wama celebrity. ...
27/07/2022

Sanibona. 🙏 please use the following link to listen to your favorite channel uMoya 101.9 Fm and umgosi wama celebrity. And please stay tuned for more posts and engage to discussions.✌️

https://zeno.fm/radio/umoya101-9fm/

And ngyabonga kakhulu for isupport😍😇 God bless you all😇🙏

And please share the link to everyone else.✌️❤️

Listen to Umoya101-9FM for the best Zulu, English (U.S.), English (UK) General radio. Listen live, catch up on old episodes and keep up to date with announcements.

27/07/2022

Listen to Umoya101-9FM for the best Zulu, English (U.S.), English (UK) General radio. Listen live, catch up on old episodes and keep up to date with announcements.

Address

Durban
Durban

Opening Hours

Monday 15:45 - 16:00
Tuesday 15:45 - 16:00
Wednesday 15:45 - 16:00
Thursday 15:45 - 16:00
Friday 15:45 - 16:00

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Umgosi Wama Celebrity posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share

Category


Other Radio Stations in Durban

Show All

You may also like