NONGOMA AWUMNCINYANA
Kuqhume umkikizo namafilije ngenkathi Njampela Football Club ithela ngesibhaxu I-Natal Rich Boys kumaphenathi ngo 4-3. Lemidlalo ibisenkundleni oLundi namhlanje mhlaka 7 September 2024.
UMqeqeshi we Njampela FC, uTshepo Motsoeneng, uthi kuyamthokozi kakhulu ukwenza kahle kweqembu lakhe beqala nokungena kulo mqhudelwano ka 2024.
INjampela FC iqembu lakwa Nongoma.
#PrinceMangosuthuLegacyCup
UMqeqeshi we Royal AM, u John Maduka uthi ukungaphumeleli kwabo Kumdlalo wanamhlanje we Prince Mangosuthu legacy Cup kubavule amehlo, ukuthi ikuphi lana okumele baqinise khona.
#PrinceMangosuthuLegacyCup
USihlalo wezokuthuthukiswa koMnotho kuMasipala waseThekwini uKhansela Thembo Ntuli, unikezele ngokusemthethweni ngoxhasomali elingango-R1. 5 Million, kumathimba amahlanu asemkhakheni wamafilimu. Lokhu kwenzeke namuhla e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (Durban ICC) eThekwini.
UNtandoyenkosi Ncube waseMtuba onqobe umklomelo wendondo yeThusi nemali engango R28 000 emncintiswaneni weMandela African Boxing Cup obuseThekwini
UNtandoyenkosi Msweli waseMtuba ongumshayela sibhakela ujabule ngokunqoba indondo yeThusi kumqhudelwano we-Mandela African Boxing Cup, obuse-INkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini.
uMholi Jali waseMzimkhulu onqobe iHarry Gwala Marathon ewu-42. 2 km, namuhla eXopo.
Iqembu le-Inkatha Freedom Party (IFP) lizofolosa ngoMhlonishwa uThamsanqa Ntuli, kwesokuba uNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal njengoba kuyiwa okhethweni lukazwelonke, lokhu kumenyezelwe uMengameli waleliqembu uMnu Velenkosini Hlabisa esithangamini sabezindaba ebesibanjelwe eThekwini.
Azokhishwa ohlwini lukaKhongolose amalunga azobonakala eyingxenye yemikhankaso yamanye amaqembu, lokhu kuvezwe uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uBheki Mtolo esithangamini sabezindaba namuhla ekuseni, eThekwini.
UMengameli we-National Teachers Union (NATU) uMnu Sibusiso Malinga, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba uveze ukuthi beyi nhlangano i-NATU bajabule ngemiphumela yabafundi bebanga leshumi(2023) etholwe isifundazwe iKwaZulu-Natal.
UNobhalo we-South African Democratic Teachers Union(SADTU) KwaZulu-Natal, uNks Nomarashiya Caluza uvezwe umuzwa wakho ngemuva kokuthi isifundazwe ikwaZulu-Natal silale isibili ngo-86. 4% ezweni ,uphinde wancoma ukusebenza ngokuzikhandla kothisha emcimbini woklomelisa abafundi abaphumelele kahle kumatikuletsheni, e-Durban ICC.
UNkk Lindiwe Mofokeng waseMgungundlovu ubike izingqinamba abhekene nazo kuMengameli we-African Congress for Transformation (ACT),uMnu Ace Magashule, ngesikhathi leliqembu liqhuba umkhankaso walo wokhetho, eMgungundlovu NgoLwesihlanu womhlaka 12 January.
UMnyango wezoKuqashwa nabaSebenzi oholwa nguNgqongqoshe uMnu Thulas Nxese, uzosingatha ingqungquthela yezinsuku ezintathu kusukela NgoLwesibili womhlaka-7 November kuya NgoLwesine womhlaka-9 November, eCoastland Hotel Musgrave,eThekwini.
Oyisikhulu esiphezulu se-Occupational Health and Safety uNks Milly Ruiters uthe inhloso yalengqungqulethe ukuzodingida ezokuphepha kwabasebenzi kanye nokubafundisa indlela yokuzinakekela ngokwezempilo.