Nuz Media Group

  • Home
  • Nuz Media Group

Nuz Media Group Online Newspaper, Filming & Photography

08/04/2025

ISAZISO SOMPHAKATHI
UKUPHAZAMISEKA KUKAGESI E- RESERVOIR HILLS NASE-CLARE ESTATE

UMasipala uyalubheka udaba lokunqamuka kukagesi eReservoir Hills nasezingxenyeni ezithile zaseClare Estate okudalwe wukuphazamiseka kwamakhebula amaningi ngempelasonto.

NgoLwesihlanu kubikwe ukuphazamiseka kwekhebula, okuholele ekutheni kuphazamiseke ukuhlinzekwa kukagesi. NgoMgqibelo, kube khona isigameko lapho kuqhume khona esiteshini iRiddick Distribution Substation, okuholele ekutheni ugesi ucishe nakwezinye izindawo ezengeziwe. Lesi siteshi sesilungisiwe.
Lezi zigameko zilandelwe ngokunye ukuphazamiseka kwamakhebula okungahlangene nalezi zigameko ezingenhla.

Amathimba abasebenzi amatasatasa nokulungisa lezi zinkinga kuyimanje. Ugesi usubuyile kwezinye izindawo futhi kulindeleke ukuba ulokhu ubuya kancane kancane ngokuqhubeka kosuku njengoba lezi zindawo ezithintekile ziphakelwa yizindawo ezahlukahlukene.
UMasipala uyaxolisa ngokuphazamiseka kwezakhamizi okudalwe yilesi simo.

Kuthulwe kabusha amanani okudla kwesintu endaweni yobumnandi edume kakhulu ngokuthi Urban Villa esigcemeni sakwa E lapho...
06/04/2025

Kuthulwe kabusha amanani okudla kwesintu endaweni yobumnandi edume kakhulu ngokuthi Urban Villa esigcemeni sakwa E lapho kubonakale nosaziwayo abafana njengoShongololo.

Abasalanga ngaphandle aboMlazi Township Tourism kanye nabo Umlazi International Film Festival ukuzokweseka lombono wokudla okuconsisa amathe nokwehla esiphundu okuphekwa uZama nethembi lakhe.

Ungazitholela ugqoko ngo R300 luhamba nenyama yenkukhu yasekhaya abanye bathi umleqo, kukhona isigwaqane, ushatini obabayo, inhloko, inyama yangaphakathi nojeqe. Neziphuzo zokwehlisa ziyatholakala nokunye okuningi. Ixoxwa ngezithombe. Umlazi Tourism Umlazi International Film Festival

Izinhlangano ezingenzi nzuzo okubalwa Umlazi To The World Foundation, Umlazi Township Tourism Umlazi Tourism, BT News na...
25/03/2025

Izinhlangano ezingenzi nzuzo okubalwa Umlazi To The World Foundation, Umlazi Township Tourism Umlazi Tourism, BT News nabanye bavakashele ikhaya lezintandane esivcemeni sakwa U ngase P**i mumva nje. Isithemthombe: Ntokozo Cele

Invitation
12/03/2025

Invitation

Lovers and Friends at Eyadini Lounge 15 February
31/01/2025

Lovers and Friends at Eyadini Lounge 15 February

Nuz Media iyanimema nonke ukuba niphelele emcimbini wengoma eMalukazi Road 5 sport ground mhlaka 16 November ngo 10 ekse...
08/11/2024

Nuz Media iyanimema nonke ukuba niphelele emcimbini wengoma eMalukazi Road 5 sport ground mhlaka 16 November ngo 10 ekseni koze kushone ilanga.

Uhambe kahle umcimbi we South Durban Business Fair lapho khona kuvalwe ngokucotshelelwana  ngezamafilimu kanye nezinkakh...
29/10/2024

Uhambe kahle umcimbi we South Durban Business Fair lapho khona kuvalwe ngokucotshelelwana ngezamafilimu kanye nezinkakha kulomkhakha.

Bangaphezulu kwama 300 abahambele lomcimbi wangeSonto obekungusuku lokugcina ezinsukwini ezintathu waqala. Kanti lomcimbi wona ubuhlelwe abehovisi lezamafilimu kuMaspala weTheku i-Durban Film Office.

Kuphinde kwakhunjuzwa izethameli ukuthi ziphinde zibe yinxenye yomcimbi waminyaka yonke wama (Workshops) ohlelwa inhlangano yezama filimu Umlazi International Film Festival.

Lomcimbi uzobanjelwa eMangosuthu University of Technology ngenyanga ezayo mhlaka 27 kuya kumhlaka 29 November. Kungenwa mahhala

UProfessor Nokuthula Sibiya wenyuvesi enkulu iMangosuthu University of Technology ufisele abafundi bakamatibuletsheni uk...
15/10/2024

UProfessor Nokuthula Sibiya wenyuvesi enkulu iMangosuthu University of Technology ufisele abafundi bakamatibuletsheni ukubhala okuhle.

Inhlangano engenzi nzuzo ebizwa nge Eye Opener Institute For Children Development beza nohlelo lokukhulisa abafana abanc...
15/10/2024

Inhlangano engenzi nzuzo ebizwa nge Eye Opener Institute For Children Development beza nohlelo lokukhulisa abafana abancane ngesiko ukuze bebenekusasa eliqhakazile ezimpilweni zabo.

Abaholi balenhlangano bavakashele esinye sezikole esibizwa ngokuthi iKwaMgaga High School eMlazi kwa K ngoMsombuluko.

Oyusikhulu esiphezulu kulenhlangano uMnuz Sbonelo Ndlovu uthi uzimisele ngokwenza ushintsho emphakathini ngokuthi kukhuliswe abafana ngesiko nendlela yokuziphatha efanele.

"Ngenyanga endlule sihambile sayobika loluhlelo emakhosini aseNdlunkulu ehhovisi lenkosi yamaZulu uMisuZulu. Lapho abakhombise ukulithakasela kakhulu loluhlelo lokubuthwa kwabafana besebancane ngenhloso yokubakhulisa ngendlela efanele," Kusho uNdlovu.

Uqhube wathi yena wakhuliswa ngendlela yama skawoti eyamfundisa ukuba yindoda ayiyo namhlanje.

"Abafana abananingi manje sebekhuliswa ngendlela esheshayo nengabaniki inselelo yempilo. Badlala amafoni nama social media, badlale ama Video games endlini, bakhuliswa omama bodwa obaba abekho ezimpilweni zabo abanye bakhuliswa ogogo abasazi isandla somuntu wesilisa esiqinile.

Okunye umfana ngeke umkhulise ngendlela okhulisa ngayo intombazane ngoba umfana kumele aqine nezinselelo zakhe zimenza akhule eqininile.

Angeke ushiye ngaphandle isiko uma sikhuluma ngokukhuliswa kwabafana," esho uNdlovu.

Uphinde waveza nokuthi bahlose ukwakha isikhungo lapho kuzoqeqeshwa khona bonke abafana kusukela emnyakeni engu 12 kuyaphezulu ngoba kuthiwa ugotshwa usamanzi.

Kuphinde kwabhaliswa abafana abalinganiselwa kuma 100 abazongena kuloluhlelo.

Lenhlangano izohambela nakwezinye izikole ithatha abafana abaneminyama engaphezulu kwa 12.

Uthishanhloko wesikole uMnuz Majozi ubongele abafundi ngokuthi bathole ithuba lokufika kwabantu bezolekelela ngolwazi kubafundi waphinde wahamba emazwini kaNdlovu wokuthi inkunzi isematholeni.

"Uma bafana bami nizolalela konke lokhu abakushoyo nizokhula kahle nibe ngamadoda aqotho. Khona lapho uphinde wafisela abafundi ukuthi babhale kahle wabayala ngokuthi bengakopeli.

Abanye abafundi bakhombise ngamathalente wabo phambi kwezihambeli zosuku bekhombisa ngomdlalo weshashalazi okhuluma ngokuhlukunyezwa kwabesifazane abanye becula, behaya izinkondlo.

Ngemumva komdlalo othisha babe sebebaklomelisa ngezitifiketi ukubakhuthaza.

Abafisa ukusizakala noma ofisa ukufaka isandla kulolohlelo angaxhumana no Mnuz Sbonelo Ndlovu 067 878 5504 or 078 5056215

Ushayelwa izindla uMaspala weTheku no Ndunankulu wakwaZulu Natal uMnuz Ntuli ngesenzo sabo nomkhankaso wokukhuculula ido...
15/10/2024

Ushayelwa izindla uMaspala weTheku no Ndunankulu wakwaZulu Natal uMnuz Ntuli ngesenzo sabo nomkhankaso wokukhuculula idolobha elikhungethwe izinkinga zobugebengu nokungcola okwenziwa ngabantu abangenazo izindawo zokublala.

Abantu abaningi bakhala ngokuthi bese kungahambeki Kulendawo ngenxa yama Phara kodwa namhlanje umoya akukho ngisho elilodwa.

Khona nendawo eseyaqanjea ngokuthi iwunga park. Kulomkhankanso kaNdunankulu kubekhona nabokufika ababoshiwe ngenxa yokuthi abanazo izimvume zokuba kulelizwe. Abanye batholwe benamacala obugebengu osekunesikhathi befunwa ngamaphoyisa.

Kutholakale imijovo, izidakamizaa nokunye okuningi.

Mayor Cyril Xaba today launched the city's bumper Summer Campaign, dubbed, 'Endless Wave of Tranquility'. The launch too...
11/09/2024

Mayor Cyril Xaba today launched the city's bumper Summer Campaign, dubbed, 'Endless Wave of Tranquility'. The launch took place at one of the city's hidden gems, Coastal Resort, located in Umgababa. Durban is promoting city's attractions as part of its rural and township tourism to both domestic and international visitors. Mayor Xaba revealed that about 1.4 million visitors are expected to flock to Durban during the 2024/25 summer season. Durban is the place to be in summer.

Umlazi Tourism Sabelo Ngema

Ithulwe ngokusemthethweni ifestival yaminyakayonke Umlazi International Film Festival obanjelwe esikhungweni semfundo ep...
29/08/2024

Ithulwe ngokusemthethweni ifestival yaminyakayonke Umlazi International Film Festival obanjelwe esikhungweni semfundo ephakeme iMangosuthu University of Technology ngoLwesithathu ekuseni.

Lesfestiveli yenzeka unyaka wesithathu kulonyaka kanti ibukeka izoheha amaciko amaningi kulonyaka ngoba sekufakwe nabalingisi abasha njengobuso bayo futhi abanye babo sebemnkantshubomvu kulomkhakha kubalwa noprojusa.

Esinye sezikhulu salefestiveli uMnuz Micheal Ngema uvele ukuthi kulonyaka bazogxila kakhulu ekugqamiseni noma ekuqhakambiseni amabhizinisi endimeni yezamafilimu. "Inhloso enkulu esinayo ukuthi sithuthukisane ngokwamabhizinisi ethu kulomkhakha wezamafilimu siphinde sivule amathuba emsebenzi kulendima esikuyona," kubeka yena uMnuz Ngema.

Khona lapho uphinde waveza ukuthi abafisa ukuthumela amafilimu abo ukuze adlalwe ngesikhathi sefestivali ezoba sekupheleni kwenyanga kaNovemba. "Njengamanje alinganiselwa ku 50 amafilimu esiwatholile amaciko esithumela kwi email yegh. Sizovala maduze.

Okhulumela lesikhungo uNks Mbali Mkhize uveze ukuthi bayakuthokozela ukusebenzisana nomphakathi waseMlazi futhi kuyamjabulisa ukubkna amaciko ehlangene ngalendlela yokwakhana. "Thina njengesikhungo iMangosuthu sizolekelela ngalokho okusemandleni ethu ukuze kufezeke amaphupho enu njengoba sikwazile ukuninikeza indawo nezinye izinto," kusho Ms Mkhize.
Abaxhasi balefestiveli okubalwa kubo iDurban Film Office, Creative Arts College, Film Publication Board, Umlazi Township Tourism, Coastal Zone Entertainment, 48Hour Film Festival nabanye bebekhona kwethulwa lefestiveli.

Osaziwayo abebekhona kubalwa uBhekani Shabalala odlala kwiSbongile and the Dlamini's benengane yakhe uSbongile ogamalakhe langempela uLuyanda Zwane, uThabo Mnguni odume ngo Mbatha kuZalo, noSandile Dlamini owaduma kakhulu ngomfundisi Phakade Shongololo kwi Mbewu abanye abafikanga ngenxa yomsebenzi.

Ufihlwe ngesizotha uNkz Zanele Mbokazi Nkambule neqophelo eliphezulu obengusomabhizinisi, umsakazi, umgqugquzeli wama SA...
17/08/2024

Ufihlwe ngesizotha uNkz Zanele Mbokazi Nkambule neqophelo eliphezulu obengusomabhizinisi, umsakazi, umgqugquzeli wama SABC Crown Gospel Awards nokunye okuningi abekwenza ekuthuthukiseni amakhono ahlukene. Lenkonzo yokugcina ebigwecele ichichima eInkosi Albert Luthuli Convention Centre ICC eThekwini phakathi kweziphathi mandla ezahlukene. Lomcwabo ubusezingeni lika hulumeni wesifundazwe. Abaningi bebekhala ngomoya wakhe omuhle nokuthanda abantu ngaso sonke isikhathi.

Imfashini kowe Durban July ibidlana imilala
07/07/2024

Imfashini kowe Durban July ibidlana imilala

Yinhle lento ebizwa ngomshado, sithi halala Gatsheni nonkosikazi wakho niziphathe kahle emshadweni noNkulunkulu anibusis...
06/07/2024

Yinhle lento ebizwa ngomshado, sithi halala Gatsheni nonkosikazi wakho niziphathe kahle emshadweni noNkulunkulu anibusise.

Beziwushaya eMandeni kwa Sthebe kushadelwa umfwethu uMnuz Thobelani Khoza  ngempelasonto esibuya kuyona. Bekusindwe ngob...
06/07/2024

Beziwushaya eMandeni kwa Sthebe kushadelwa umfwethu uMnuz Thobelani Khoza ngempelasonto esibuya kuyona. Bekusindwe ngobethole kuphume nesinedolo inkosi impela, inqephu udlana imilala. Izithombe zixoxa yonke indaba. Amashuthi bezithombe: Shana Multimedia . Sithi umsebenzi omuhle mawuqhubeke bafwethu. Inkosi inibusise emshadweni wenu.

Address


Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Nuz Media Group posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Nuz Media Group:

Shortcuts

  • Address
  • Alerts
  • Contact The Business
  • Claim ownership or report listing
  • Want your business to be the top-listed Media Company?

Share