23/03/2021
UMPHEFUMULO ONGENAKUTHULA
Isqephu 34
Kusampondo zankomo uNxumalo avuke alungisele ukuya emahhovisi ala ebesebenzela khona azithele kuNombulelo exhibeni egqoke econsa kukhombise ukuthi khona la alibangise khona okanye la abuya khona uNxumalo ambuze ngomoya ophansi engasambingelelanga "NTOMBI YAMI UYAPHI NGALESKHATHI "uNombulelo amphendule ngezwi eliqaqazelayo "ZWIDE NGIZIZWA NGINOMKHUHLANE NGIBONA KUKUHLE NGIYE EMTHOLAMPILO"uNxumalo engabe esaba nembuzo emningi ngoba ingane yakhe uyayethemba kakhulu ayigixabeze ngemali yokugibela Kanye neyokudla nenye yokuthi ithenge ingubo ezozigqoka emshadweni .
U-Amanda aphaphamiswe ilanga eselingena ngefulastela avuke adonse ucingo lwakhe aluhlome kumpendulo ngokushesha alubambe "MASOKHULU OMUHLE"U-Amanda engabe esabuza kwampilo "UNGITHEMBISILE UKUTHI SIZOVUKA KAKHULU SIYOTHENGA INGUBO ENGIZOYIGQOKA EMSHADWENI WETHU KODWA NGIKUBINA SENGATHI USUKHOHLIWE NJE ZWIDE ELOKUGCINA LOLUSUKU KUSASA SIYASHADA BAKITHI" uMpendulo amehlise umoya umuntu wakhe "NTOMBI YAMI ENHLE NGIYAXOLISA NGIZUMEKILE NJENGOBA NGIZE NGIVUSWA UWE NJE NGICELA ULUNGE UGIBELE SOTHOLANA EDOLOBHENI "bavumelane U-Amanda avuke endlule .
Useze wangena ngaphakathi udokotela usemxilongile ukuthi yini le emphethe kungapheli skhathi udokotela amtshele ukuthi uzithwele unesonto ezithwele uNombulelo avele akhihle esikanandi aze agcine esephimsela lamazwi "NGICELA UNGIPHA IMISHANGUZO YOKUSKHIPHA NGIYACELA BANDLA"esho esikhihla islilo udokotela amyale bese eyamtshela ukuthi ingane iyisibusiso esivela kumdali kanti futhi ayinacala kodwa ucela abuye kusasa esecabange Kahle ukuthi uyasihushula ngampela yini....
❤️Koyac❤️